Quantcast
Channel: IOL section Feed for Kwazulu-natal
Viewing all articles
Browse latest Browse all 15920

Kulamule umasipala begweve nendawo

$
0
0

LUGCINE lugobile uphondo kubantu baseMbo abebethathe ngo-dli umhlaba womholi we-ANC KwaZulu-Natal uDkt Makhosi Khoza eHillcrest emva kokuba kuvunyelwene ngokuthi basuke kule ndawo.

|||

MLUNGISI GUMEDE

LUGCINE lugobile uphondo kubantu baseMbo abebethathe ngo-dli umhlaba womholi we-ANC KwaZulu-Natal uDkt Makhosi Khoza eHillcrest emva kokuba kuvunyelwene ngokuthi basuke kule ndawo.

Esithangamini sabezindaba izolo bagcine bevumelene ngokuthi bazosuka kule ndawo nokuthi ngeke besaqhubeka nokwakha kuyo kuze kuqedwe izingxoxo noDkt Khoza mayelana nalo mhlaba.

USihlalo weMbo Westriding Trust uMnuz Sifiso Mhlongo uthe bathathe isinqumo sokuthi basuke kule ndawo ukuze izingxoxo ziqhubeke ngaphandle kokuphazamiseka.

“Sibonile ukuthi uDkt Khoza akazimisele ngokuxoxisana nathi uma sisaqhubeka nokwakha,” usho kanje.

UMhlongo uthe ngoLwesi-thathu babe nomhlangano noDkt Khoza nezikhulu zikaMasipala weTheku bezama ukuthola isisombululo kule ndaba.

“UDkt Khoza uthe emhlanganweni ayikho into azoyikhuluma nathi uma sisaqhubeka nokwakha endaweni yakhe. kuze kwasiza izikhulu zikaMasipala ezimncengile zathi akuxoxiswane ukuze kutholwe isisombululo, waze wagcina evumile,” kusho uMhlongo.

UMhlongo uthe izikhulu zikaMasipala zikhiphe ibalazwe eliqopha imingcele elikhombisa ukuthi nguyena uDkt Khoza ongene wagamanxa emhlabeni wabo.

“Sifuna izwe lazi ukuthi ayikho ipolitiki kulolu daba kodwa thina silwela umhlaba wethu,” kusho uMhlongo.

UDkt Khoza utshele leli phephandaba ukuthi akakwazanga ukuya kwinhlokokhono ngenxa yabantu abebengene ngo dli endaweni yakhe.

Abantu baseMbo bese begxumeka imijondolo yabo eduze nendawo kanokusho yokungcebeleka yalo mholi iLolongatique Lounge eseHillcrest.

UDkt Khoza akatholakalanga ukuthi aphawule izolo ngenxa yokuthi ucingo lwakhe belukhala kodwa lungabanjwa.


Viewing all articles
Browse latest Browse all 15920

Trending Articles



<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>