ISONTO laseLamontville i-Apostolic Faith Mission liqale uhlelo lokusiza nokufundisa abafundi bamabanga aphakeme ukufaka izicelo emanyuvesi.
|||MINENHLE NTOMBELA
ISONTO laseLamontville i-Apostolic Faith Mission liqale uhlelo lokusiza nokufundisa abafundi bamabanga aphakeme ukufaka izicelo emanyuvesi.
UMfundisi waleli bandla uMnuz Thabani Maphumulo uthi ukuhlala kwabantu abasha emakhaya ngenxa yokungamukelwa nokungazifaki izicelo ngesikhathi kubenze basukuma baqala lolu hlelo lokubasiza.
Bameme umphakathi ohlanganisa izingane zesikole zamabanga aphakeme zaseLamontville ukuzothola ulwazi ngezifundo abafisa ukuzenza uma bephothula uMatric.
UMaphumulo uthe babona kunesikhalo emphakathini ngabantwana abahlezi emakhaya bengafundi ngenxa yokungazi ngemigomo yokungena emanyuvesi nokungazifaki izicelo ngesikhathi.
“Sifundisa siphinde sigqugquzele abantu abasha ukuthi bathande imfundo. Esikwenzayo asikwenzeli izingane zakule ndawo kuphela. Sinesimenywa esiqhamuka kwi-Central Applications Office (CAO) esizosiza ukuchazela laba bafundi ngezimfanelo ezidingekayo uma befuna ukufaka izicelo emanyuvesi,” kubeka uMaphumulo.
Uthe njengoba luqalwa lolu hlelo bazoluqhuba kuze kufike isikhathi lapho bonke abafundi sebehambise izicelo zabo futhi banesifiso sokuluqhuba nangonyaka ozayo.
UNozipho Majola (18) ofunda uGrade 11 kwaSanti uthe lumsizile lolu hlelo ngoba useyazi ukuthi kwenziwa njani uma ufaka izicelo emanyuvesi.
“Nginesikhathi sokucubungula isinqumo sami sokwenza izifundo zabosizo oluphuthumayo. Sengiyazi ukuthi uma ngingathathwa lapho yikuphi okunye engingakwenza. Sengifunde nokubaluleka kokufaka izicelo kusene-sikhathi ukuze ngamukelwe enyuvesi,” usho kanje.
UNksz Bongekile Nkabinde osebenza eCAO uthe bahambela izikole kodwa nalokhu okwenziwe yibandla kubona kusiza ukusabalalisa umyalezo nemininingwane yokufaka izicelo emanyuvesi akuleli.
“Uma kuqala unyaka amanyuvesi aba nezinkinga ngabafundi abafuna izikhala bengazifakanga izicelo. Sekube nezigameko lapho kufa kulimale abantu. Ukugwema lokho sigqugquzela abafundi ukuba bazi ngezinhlelo zokuqhuba izifundo zabo.
“Kubalulekile ukubazisa kusenesikhathi kanti-ke ngaphandle kwamanyuvesi sekukhona namakolishi. Amahhovisi ethu avulelekile kubantu abadinga ulwazi ngezifundo nangamanyuvesi,” kusho uNksz Nkabinde.